Wohamb' ubuye nganeno
Buyel' ekhaya
Wokhumbul' ukuth' uzalw' ubani
Wohamb' ubuye nganeno
Buyel' ekhaya
Wokhumbul' ukuth' uzalw' ubani
Ubokhumbul' ukuth' ungokabani
Nabo bayakuthanda lapho bekhona
Ubokhumbul' ukuth' ungokabani
Nabo bayakuthanda lapho bekhona
Awuyeeeka lezo zandla ezakhulisa wena noma kungenamali
Awuyeee, yeka lezo zandla ezasebenza kanzima kungekho mnandi
Noma ngabe k'thiw' usukhule kangakanani uyohlez' uy'ngane kulezo zandl' ezakukhulisayo
Iqhawe langempel' ileli eliwe livuka
Ilel' elithwal' amahlazo nenhlamba bel'thuka
Enhlizweni ethi khula khula
Manje bathi uk'zala uk'zelula amathambo kuleth' ithemba
Imthandazo eyakhulekwa ngawe iyafezeka
Wokhula wokhula sana lwami
Wohamb' ubuye nganeno
Buyel' ekhaya
Wokhumbul' ukuth' uzalw' ubani
Wohamb' ubuye nganeno
Buyel' ekhaya
Wokhumbul' ukuth' uzalw' ubani
Ubokhumbul' ukuth' ungokabani
Nabo bayakuthanda lapho bekhona
Ubokhumbul' ukuth' ungokabani
Nabo bayakuthanda lapho bekhona
Awuyeeeka lezo zandla ezakhulisa wena noma kungenamali
Awuyeee, yeka lezo zandla ezasebenza kanzima kungekho mnandi
Inyoni indizela phezulu
Amanzi iwaphuza
Bonke labantu abakwenz' umuntu musuk'bakhohlw' uzobadinga
(Inhlonipho, inhlonipho umphako wendlel' ongaboli)
Nami ngenziwa ngugogo
(Inhlonipho, inhlonipho umphako wendlel' ongaboli)
Danki gogo
Awusahamb' uyatelebhela
Futhi imali uyiphethe nje
Kazi badlile yini ekhaya