Zilokhu zigoqwa nje insuku kuthiwa angigaxe umhlaba ungehlule ngilibangise Obonjaneni
Ngingenanto lingawa licoshwe zinkukhu , Phela ukunikezela yilona ifa leyithutha
Thina sazi ukuthi ozikhandlayo soze alambe Konke okuhle nomusa kuyalandela
Themba alilahlwa so nami angeke ngize ngizinikezele ngiyoba ngiyayibambezela
Yazi impakamo ibuye ihlambalazane you plummet from the summit uma uhamba nomoya
Ngase ngiqhwakela phezulu bengibuka then I descended in a downward spiral bathi
Nansi iTaxi kuthiwa iyokubeka emagcekeni obabomkhulu bakulindele benze idili likamkhipheni
Bethi Ndodana kushuthi ikhaya awulisithele abazi
Kusinda nongathwele , kubhidene izinto umhlaba ujikele obaqwe
Ndodana yolahleko, asisakwazi kodwa siyathaba ngoba phela suze wafika
Hamba ubuye , hamba ubuye usuhlanjululwe
Hamba ubuye ,uzohamba ubuye usuhlanjululwe
Sengangilahla ithemba nami kimi kunini bengitshela bethi hamba kini
Mpilo bengiyincenga kodwa ngingaphili kunini ngilokhu ngiFailer ngizofika ngithini ekhaya
Sengisola engathi baphehla amanzi amamnyama nendlala sengibona engathi iyona
Ebengibangela ulaka neminyaka ayimile kodwa impilo yami yona iyafana
Ngigeze lisondele idlozi lami ngicele ushwele zixolelwe izono zami
Ngikhulekele zikhanyiselwe indlela zami ngibuye ngifumbethe ngiyakucela ngoba
Kusinda nongathwele , kubhidene izinto umhlaba ujikele obaqwe
Ndodana yolahleko, asisakwazi kodwa siyathaba ngoba phela suze wafika
Hamba ubuye , hamba ubuye usuhlanjululwe
Hamba ubuye ,uzohamba ubuye usuhlanjululwe