Khacno,
Ngibutho mfana wami mina
Mina ngibutho mfana wami
Ngiqhamuka le kwaZulu
Phansi budebuduze umqansa wetsejuba
Ngibutho mfana wami mina
Ngigadla ngama gama
Ngusosobala ozihlanganisela amakhanda
Nkunzi emyidwayidwa
Ngiba qoqoda amakhanda
Angimyeki umfana omncane
Engaka thambi
That why ngihamaba ngakhathali
Angimyeki umfana unyoko
Engaka khali
Mkonto wami usika
Nhlangothi zombili
Qhude manikiniki ziyeke
Zindala zombili
Ngidinga umkhonto wami
Nesihlalo sobukhosi
Nyakazise iqolo njenge
Mbiza ka consi
Khafule imici emthathu amaciko
Angaqondi
Ngeke ngiphikisane
Nabafana abasa chameliy
Pontshi
Mina ngibutho langempela
Ubuzulu angibufosti
Kulokhu nje
Angihambi ne mcimbe
Enga khokhi
Angizenzi nezonhlanganisela
Ezingasile engayinqondi
Somanje phuza makhula kancane
Kulomthombo wami ongashi
Ubobuza abayiqala kanye nami
Ukuthi baphelelaphi
Ngiyani khuza bafana bami
Mina nje ngispoko esingafi
Ngathula nganyamalala
Ngabuya sengiyinkabi
Vumani amagalelo ami
Okwensizwa ngisaphefumula
Zwani izigi zejongo ngiyahlaba
Ngiyapetulula
Kulungileke
Awuthi ngiyicacise bafana bami
Mina ngibutho
I mean ngibutho lakuqala
Ngibutho lika shaka
Ngibutho elasala empini
Ngibutho lakudala
Ngibutho nje lafa manje sengivukile
Ushaka uthe ngizobalanda
Nezanusi ziyakhothama zithi
Uma zibona entshonalanga
Zibona umlilo obomvu bathi
Ijayenti elimnyama
Amabutho akhothama